Abantu abasha bayingo muso lezwe lethu 

vukuzenzele unnamed

Ukuxhumana kanye  nokubonisana naba ntu abasha kungishiya njalo nginogqozi nofuqufuqu. Kuyathokozisa impela ukuthola imicabango yabo mayelana nobunzima abahlangabezana nabo kanye nezimpumelelo zabo, ngokunjalo futhi nenhloso-mbono yabo mayelana nalo kho okungenziwa ukuthuthu kisa leli lizwe.
 Kuyinto engephikiswe ukuthi intsha ingumgogodla wendlela-kucabanga kanye nohlaka oluyisiseke lo lwezwe lethu. Ngokuphambene kakhulu nendlela-kubuka ethi abantu abasha bano kuthathela phansi izinto, abayigqizi qakala ipolitiki futhi bazicabangela bona bodwa abazikhathazi neze ngomunye umuntu, izincwaningo ezenziwe kuleli kanye nasemazweni angaphandle zilokhu ziqhubeke njalo nokubonisa nokugcizelela ukuthi abantu abasha emhlabeni wonke jikelele balokhu benethemba mayelana namathuba abo okuphumelela empilweni. Ngokwemiphumela etholakale kwinhlolo-vo yabakwa-Ipsos ebi zwa phecelezi nge-Pulse of the People ekhishwe ngoMasingana, intsha yaseNingizimu Afrika engama-61% eneminyaka yobudala eyi-15 kuya kweyi-17 izizwa inethemba elikhulu mayelana nowezi-2020. Angingabazi nakancane ukuthi lona ngumuzwa wabo bonke abantu abasha futhi ikakhulukazi uquqaba lwentsha ezalwe ngasekuqaleni kwaleli khulu-nyaka, manje esinga bantu abasha abangena empilweni yabo yobudala, labo entsheni abadu me ngelama-2000. Bangamadodana kanye namadodakazi azalwe emva kokufika kwentando yeningi labantu kuleli. Nakuba bengahlangabezananga ngqo nezenzo zesihluku no nya lobandlululo, bayaqhubeka nokuphila ngaphansi kokhondolo lobandlululo olubonakala ngoku ngalingani okusekhona namanje phakathi kwezinhlanga zakuleli, ukuhlaliswa kwabantu ezindaweni ezingakulungele kahle ukuhlalisa abantu kanye nobubha. Laba bantu abasha bagcwele ukuzethemba futhi banezifiso ezinkulu.  Bayawazi amalungelo abo futhi abesabi naka ncane ukugcizelela ekutheni banike zwe lokho okungamalungelo abo. Intsha yezwe lethu iwuphawu lomdlandla, ithemba, ubumnandi, amathuba empumelelo, ingomuso kanye nenkululeko. Bangabantu abanolwazi olu nzulu ekusetshenzisweni kobu chwepheshe besimanjemanje futhi banentshisekelo yokungena emisebenzini eyabe ingekho ngisho noku ba khona ngezikhathi zabazali babo.Ngosuku olwandulela ukwe thulwa kweNkulumo Echaza Isimo Sezwe (i-SoNA), ngaba nenhlanhla enkulu ukuthi ngithole ithuba lokufakana imilomo neqenjana laba ntu abasha abanomdlandla nentshisekelo emcimbini we nkulumo-mpendulwano phakathi kwezizukulwane ezihlukahlukene zakuleli owabe uhlelwe wuPhiko Lukazwelonke Lokuthuthukiswa Kwentsha. Sabhunga ngezindaba ezibaluleke kakhulu kubantu abasha futhi sacubungula nezindlela esingazisebenzisa ukuhambelanisa indlela esibona ngayo izinto kanye nezenzo nemisebenzi yethu. Ngokusobala, ukufinyelela emathubeni emisebenzi kanye namanye yikona okwaba ngu ndaba-mlonyeni ohlwini lwezihloko okwaxoxiswana ngazo. Kubantu abasha abangu-1.2 wezigidi aba ngena emakethe yezemisebenzi nja lo ngonyaka, cishe ingxenye yoku bili kokuthathu kubona ngabantu abangasebenzi noma abasafundela umsebenzi.Ababambiqhaza benkulumo-mpendulwano bakuthokozela ukuthi lufakelwa izibuko emazi ngeni aphezulu kahulumeni udaba lokuntuleka kwamathuba omsebenzi entsheni. Kodwa-ke babe phindaphinda ingoma ejwayele kile: lapho bethi sebemi ngomumo futhi sebekulungele ukufaka isandla emnothweni wezwe ngezindlela ezihlukahlukene, kubandakanya nokuthi babe ngosomabhizinisi, kepha-ke okubavimbelayo ekutheni benze njalo yizithiyo zemicikilisho nemidanti eminingi okumele bachushe kuyona kanye nokuntuleka koxhaso-mali.Njengokusho kuka-Bright Hlongwane ovela enhlanganweni i-Youth in Business South Africa, eqondise kimina, kunesidingo sokuthi kube noxhaso-mali oluthe xaxa olunikezwa abantu abasha abangosomabhizinisi. Wathi bangathanda ukubona izikhungo zezimali, izikhungo zemali yentuthuko, abatshalizimali abahlinzeka ngengqala-bhizinisi, izinkampani zezabelo-masheya ezizimele kanye namabhange okuhweba ahluka hlukene bebolekisa ngemali kubantu abasha abangosomabhizinisi futhi bethatha amashansi ngokubaxhasa kanye nokusebenzisana nabo. Ukuze izwe lethu lichume futhi liphumelele kumele senze konke okusemandleni ethu ukuqinisekisa ukuthi abantu abasha bayakwazi ukubamba iqhaza emnothweni wethu ngendlela enohlonze, kungakhathalekile ukuthi lokho bakwenza ngokuhlinzekwa ngamathuba omsebenzi ohlelekile noma ngokusungula amabhizinisi ukuze bazisebenze ngokwabo.Ngakho-ke kwabe kuyinto efanelekile ukuthi ngisebenzise leli thuba ukwethula uHlelo LukaMongameli Lokungenelela Ekuvulweni Kwamathuba  Omsebenzi Aqondiswe Entsheni, okuyinhloso-mbono kanye nohlelo lukazwelonke olukhethekile oluzibeka ngokucacile izinyathelo oku mele zibekwe eqhulwini ekutholeni ikhambi lempicabadala yokuntuleka kwamathuba omsebenzi entsheni.Lokhu kubandakanya nohlelo lwamaxhama okuxhumana lukazwelonke lokuphathwa kwem igudu yomsebenzi, okuwuhlelo oluxhumanisa abantu abafuna umsebenzi nalawo mathuba omsebenzi akhona. Lokhu kuzoleke lela abantu abasha ukuthi bakwazi ukufinyelela emathubeni omsebenzi akhona njengoba phela abanye babo  bengenayo indlela-kuxhumana eyenza kube lula ukufinyelela emathubeni omsebenzi.Kuzohlelwa nezifundo eziqondene namakhono athile akhethekile adingwa ngabaqashi esikhathini samanje. Lokhu kuhlose ukuxazulula inkinga yokungabi khona kokuhambelana okuhle phakathi kwezinhlelo ezikhona njengamanje zemfundo, ukuqeqeshwa nokuthuthukisa kanye nezidingo zomnotho.Siyawuthokozela impela umsebenzi osuqalisiwe kakade kulo mkhakha, njengohlelo oluqhubekayo njengamanje oluqhutshwa  nguMnyango  Wezolimo, Izi nguquko Kwezomhlaba Noku thuthukiswa Kwezindawo Zase makhaya kanye noMnyango We zokuphatha Nokubambisana kanye Nezindaba Zendabuko, okuwuhlelo lokuqeqesha abafundi abasebasha abayi-1000 esifundazweni saseFreyistata kwezolimo nakwamanye amakhono.Abantu abasha abaningi bafuna  ukusungula amabhizinisi oku ngawabo. Kodwa-ke abanawo amakhono ebhizinisi azobalekelela ekutheni basungule amabhizinisi abo. Lolu hlelo luzolekelela ekukhulisweni nasekuthuthukisweni kwabantu abasha abangosoma bhizinisi.  Ukusungulwa kwama bhizinisi akulona neze ikhambi eli nguzifozonke ozoqeda zonke izinkinga ezikhona, kodwa-ke ngiqinisekile ukuthi kungenye yezindlela ezinhle futhi eziphumelelayo ezizokwenza abantu abasha bazazi kahle ukuthi empeleni bona bangobani, futhi babe nezifiso nezi nhloso empilweni, bazizwe beyi ngxenye yabantu bakuleli, futhi babe nethemba mayelana nengomuso.Uhlelo LukaMongameli Losizo Lwentsha luhlinzeka abantu abasha ngamathuba okulekelela no kufaka isandla emiphakathini yabo. Lolu hlelo lwenzelwe ukuletha uguquko futhi lwenze nomthelela omkhulu, ngokungafani nezinhlelo eziyinhlakanhlaka ezinomthelela omncane.Ngamemezela futhi eNkulumweni Echaza Isimo Sezwe ukuthi sizobeka eceleni isamba esiyi-1% lesabelomali sezwe ukuze sisetshenziswe ohlelweni lwamathuba omsebenzi aqondiswe entsheni. Kunezinhlelo nemiklamo eminingana eyenziwayo ukuze kubhekwane nale nselele kazwelonke.Ngokucacileyo, intsha yezwe lethu ibona leli lizwe njengezwe elinamathuba futhi elithembisayo, nakuba kunezithiyo nezingqinamba ehlangabezana nazo. Evikini ele dlule nje lilodwa, ngihlangane na bantu abasha baseNingizimu Afrika abangenza ngiziqhenye ngobude bebanga esesilihambile kuleli kanye nalokho esesikufezekisile.Kunabadlali abasebasha abanje ngomdlali wegalofu onethalente elimangalisayo u-Sim ‘Tiger’ Tshabalala olokhu eqhubeke njalo nokuqokelela izindondo zegalofu zamazwe ngamazwe eseneminyaka yobudala eyisishiyagalombili nje kuphela. Ukleliswe endaweni yesikhombisa emhlabeni wonke jikelele ohlwini lontanga yakhe futhi usewunqobe kabili umqhudelwano wegalofu wezingane waseMelika, phecelezi i-US Kids golf tournament. Ngafikelwa yintokozo enkulu lapho umfundi weBanga le-11 uSinoyolo Qumba wase-Orange Farm engibhalela incwadi mayelana nalokho okumele kufakwe ku-SoNA yalo nyaka. Futhi empeleni wahla nganyela nethimba elibhala izinku lumo zikaMongameli kwinqubo yokubhala nokuhlanganisa i-SoNA. Kunezishoshovu ezinomdlandla nentshisekelo enkulu ezinjengo Ayakha Melithafa wase-Eerste Rivier eNtshonalanga Kapa, owethamela ingqungquthela yalo nyaka yeSithangami Sezomnotho Emhlabeni e-Davos ukuyonxenxa abaholi bomhlaba ukuthi baziba mbe ziqine ekulweleni ubulungi swa bezesimo sezulu. Ngahlabeka umxhwele kakhulu lapho ngihla ngana no-Michelle Nkamankeng, oneminyaka eyi-11, ongumbhali omncane kunabo bonke wase-Afrika futhi okleliswe ohlwini lwababhali abancane abayi-10 abahamba phambili emhlabeni wonke jikelele. Ungumbhali wezincwadi eziyisi khombisa futhi wabhala incwadi yakhe yokuqala eseneminyaka yobudala eyisithupha nje kuphela. Njengokusho kukaSolwazi Jonathan Jansen: “Unokuzethemba, uyiciko negagu lokukhuluma, unengqondo ehluzekile futhi unomdlandla ne ntshisekelo.” Yilaba bantu abasha abangamagugu oqobo angomuso ezweni lethu futhi abasikhumbuzayo ukuthi inkululeko yethu yazuzwa ngokuzidela nokuzinikela okukhulu kwabantu abasha besilisa nabesifazane ababelokhu bephikelele njalo ekutheni kungabi yibona nje kuphela abayophila ekukhanyeni kwenkululeko, kodwa lokho kwe nzeke nakulabo abayolandela emva kwabo.  Kumele siqhubeke nokusebenza ngokubambisana njengohulumeni, abamabhizinisi, abasebenzi kanye nezinhlangano zomphakathi wonkana ukuze siqinisekise ukuthi umthwalo wobunzima bokuntu leka kwemisebenzi awuqhubeki nokubacindezela abantu abasha bakuleli, ubadikibalise futhi ubenze baphelelwe nayithemba. Nginethemba lokuthi izinyathelo engizibalule kwi-SoNA zizoba wuphawu lwenqubo-kusebenza entsha yokuthuthukiswa kwentsha. Njengokusho kuka-Frantz Fanon, kusemahlombe aleso naleso sizukulwane ukuthi sizitholele eyaso impokophelo. Lesi sizukulwane samanje sesiyitholile eyaso. Manje ususemahlombe ethu umthwalo wokubasekela nokubalekelela abantu abasha ukuze nabo bafinyelele kweyabo impokophelo. Kuyi qiniso elimsulwa futhi elaziwayo emlandweni ukuthi ukwahluleka kwesizwe ukucija nokuthuthukisa amakhono entsha yaso kusho ukufa nokushabalala kwengomuso lezwe lelo.