Konke okumele ukwazi  nge-ADHD ne-ADD

Silusapho Nyanda

LUKHONA USIZO oluhlelelwe ukusiza izingane ezingakwazi ukugxilisa umqondo kanye nokuzilawula.
Uma ngabe ingane eguliswa uku hluleka uku gxilisa umqondo kanye nokugula kokungakwazi ukuzilawula (i-ADHD) noma ukuhluleka uku gxilisa umqondo (i-ADD) ingalashwa, lezo zimo zingaba nomthelela omubi ongathatha isikhathi eside kakhulu esimweni sempilo saleyo ngane.
Lokhu sikuzwa ngo-Dkt. Khatija Jhazbhay, okunguye ongumphathi Wophiko  Lwezokulashwa Kwesimo Somqondo Sezingane Ezincane Nezikhulile esibhedlela i-Townhill eMgungundlovu (i-Child and Adolescent  Psychiatry).Uchaze wathi uma sezizi ndala, lezi zingane zingaba sengcupheni yokuhlaselwa ngezinye izimo ezingapha zamisa umqondo,  njengesifo sexhala nokhwantalala, futhi zingasebenzisa izidakamizwa ngendlela engafanele. I-ADHD ne-ADD ingaphazamisa impumelelo kwezemfu ndo futhi nendlela yokuzi phatha kwazo ingabacasula abanye abantu. Lezi Zingane zingazithola zingasathandeki, zingene ezinkingeni futhi zi vame ukuba sengozini. “Isimo sengane ngayinye sehlukile futhi siyathuthuka, nga kho-ke kubalulekile ukuba lezi ngane zihlolwe ngokwempilo ngokugcwele futhi kubonakale nezinye izimo okungenzeka zibe nomthelela ekukhuleni kwayo futhi kubonakale imizamo engenziwa ukuze kusizwe lezi ngane ukuba zifinyelele lapho zingafinyelela khona,” ngokusho kuka-Dkt.hazbhay.Uchaza wathi i-ADHD ne-ADD,iyizinkinga zokukhula kwemithambo ezidala izinkinga zokuphapha, nje gokuhluleka ukugxilisa um qondo.Lokhu kugula kuvame uku-vela ngalezi zindlela:
• ukwenza amaphutha ange nasidingo• ukungawuqedi umsebenzi owunikiwe• ukulahla izinto• ukuphazamiseka kalula ko kwenzayo kanye nokukho hlwaIzibonelo zokuqina ngo kweqile noma ukwenza izinto ngokunganaki zibandakanya:
• ukunyakazisa izandla kanye nezinyawo kungenzeke lutho • ukulokhu ushayanisa izinyawo noma izandla • ukujikajika uma uhlezi esitulweni• ukuvele umemeze izimpe ndulo ungakhonjwanga kanye nokuvele usukume ngaphandle kwemvume.
“Lezi zimpawu ezivame uku bonakala ezindaweni ezimbili noma ngaphezulunjengasekhaya, esikoleni, uma ena -bangani noma izihlobo noma kwezinye nje izindawo ka ntifuthi kuyaye kuphazamise ukuhlala nabantu, nokwenza umsebenzi wesikole neminye imisebenzi nje. Izimpawu ezimbi zivame ukuvela ngaphambi kweminyaka eyi-12 kanti-ke zivame ukuthi oku ngenani zithathe isikhathi esi ngangezinyanga eziyisithupha. Othisha bayakwazi ukubona izinkinga zokuziphatha futhi bangakwazi ukuyidlulisela ukuze ihlolwe isimo sempilo. Ziningi kakhulu izindlela zo kwelashwa ezingasetshenzi swa. 