Sakha isizwe esinakekela izingane

vukuzenzele unnamed

Kunesaga esijwaye lekile emasikweni abantu abaningi base-Afrika esithi  ingane yami ingane yakho. Lo mbono othi wonke umphakathi unesibophezelo ekuthuthukeni, ekufu ndiseni kanye nasekuvikele ni ingane ngayinye−kuyavu ka  emqondweni  wami  uma ngicabanga ngobuhlungu kanye nokuphuka  komoya ngesehlo sakamuva  so kushona kwengane ebeyine minyaka eyi-13 vo ogama layo lingu-Enock Mpianzi oshonele ekhempini yesikole.
Ngeshwa, u-Enock akusiyena yedwa ingane edlulile emhlabeni  ngenxa  yezizathu ebezingagwemeka, uma ngabe abantu abadala bebesigcinile isibophezelo sokunakekela lezi zingane ngendlela efanele. Siyayikhumbula nenye yezingane egama layo lingu-Ke abomohetswe Shaun Seboko, naye obeneminyaka eyi-13 ubudala, kanti yena uye waminza endaweni yokubhukuda esikoleni samabanga aphansi i-Magalieburg Primary School kube kunezinye izingane ezi mbili eziye zashona emva koku ba iloli liye lashayisa udonga lwawela phezu kwabo.Singacabanga nenqwaba yezingane, ezi njengo-Nathlia Pienaar obene minyaka engu-6 ubudala, kanti yena uye washona emuva kokuhlangabezana nemvula yezi nhlamvu ebeziqhamuka macala onke empini yezigebengu eCape Flats. Siyakukhumbula noku shona ngesihluku kuka-Michael Komape kanye no-Lumka Mkethwa, kanti laba bashona bobabili emva kokushona
emgodini wendlu  yangasese . Lokhu kushona kwabantu abasha kanye nabanye abaningi bekungagwemeka. Bonke lobu buhlungu kanye nosizi bebungagwemeka kungenzeki uma bekuthathwe izinyathelo ekuphephiseni izimpilo zalezi zingane neziko lomlilo. Nokho-ke kimi kubukeka sengathi, umphakathi kanye nathi uqobo siyekelele izingane kunoma yini. Ziningi kakhulu izingane ezizithola zisezimweni eziyingozi, nokungaba isikebhe sokuzakhela noma zilaxazwe zodwa emikhukhwini okubaswa ngopharafini kuyo. Uma izinkontileka zishiya imigodi ivulekile nengaphe phile noma izakhiwo zesikole zingakalungiswa ngokufanele noma izithuthi zesikole zigcwele ngokweqile, ngalokho izimpilo zalezi zingane zizobe zibekwa ebungozini. Konke lokhu kungaphezu kobudedengu obujwayelekile kanye nokunganaki emsebe nzini. Ziningi izingane eziqa shwe ngeso lokhozi  ngaba nukubeza ngezocansi, izige bengu kanye nabathengisi bezidakamizwa ngenxa yokuthi babuthakathaka. Njengo mphakathi, kumele sikhuthale kakhulu futhi sibe nomdlandla ekuqinisekiseni ukuthi izingane zethu ziyavikeleka kulokhu kulimala kanye nezinye izingozi.Njengomphakathi, kufanele ukuba sakhe isiko  lokuzibophezela.Kufanele sizibophezele, ezinganeni zethu kanye nakwabanye. Njengoba nje sifuna ukuqinisekisa ukuthi izingane zikhulela endaweni ephephile, enemfundiso nekhuthazayo  ezindaweni zakithi, ngoku njalo kufanele siwuthathe umthwalo wokuvikela kanye nokunakekela labo esibaziyo kanye nesixhumana nabo.Kumele siwuthathe umsebenzi wokunakekela lapho sishaye la emgwaqweni. Nakuba lehlile izinga labantu abashonele emgwaqweni kula maholide, kepha iqiniso elinzima kakhulu yilo nje elokuthi babalelwa kwi-1,600 abantu abashonile enyangeni nohhafu khona  emigwaqweni yethu. Kuphinde kwethuse kakhulu ukuthi ba dlula izinkulungwane eziyi-9000 zabashayeli bakithi ababoshe lwe amacala abandakanya  ukushayela uphuzile, ukush ayela ngesivinini eseqile, uku shayela budedengu kanye nok ushayela ngokunganaki. Isiko lokuzibophezelo lichaza ukuthi kumele ushayele ngokucophe-lela futhi uhloniphe amalungelo abahamba ngezinyawo kanye nalabo abasebenzisa umgwaqo.Isiko lokuzibophezela lic-haza ukuthi kumele obaba babe khona njalo ezimpilweni zezingane. Baningi kakhulu abantu besifazane abazithola bekhulisa izingane ngabodwa-na, lokho kwehlisa amathemba okuphepha kubona kanye na-sezinganeni.Isiko lokuzibophezela lichaza ukuthi kumele sizibandakanya ocansini oluphephile kanye nokuthi singaziphosi egci-waneni leSandulela Ngculazi. Akumele siphuze utshwala ngokweqile kanye nokuseben-zisa izidakamizwa. Kumele sizame sizigcine siphilile ukuze sigweme izifo ezivikelekayo kanye nokuphila isikhathi  eside.Amasiko anjengalawo kumele amukelwe ikakhulukazi yilabo abanezikhundla namandla kanye nomthelela, noma ngabe bangabaholi bamasonto noma osopolitiki, abaholi bendabuko noma osaziwayo. Emagameni kanye nesezenzweni zabo, kumele babonakale bakha izikhamizi ezingcono ezik-wazi ukuncoma okuhle futhi abanakekelayo.Iziphathimandla kanye nabasebenzi bomphakathi abakhethiweyo bathenjiwe ngokuzibophezela ekuqinekiseni ukuphepha kanye nokwazisana njengezakhamizi. Kumele baqinisekise ukuthi kunezakhiwo ezanele kanye neziphephile ezikoleni. Kumele basukumele phezulu uma ngabe kunokuphazamiseka ekuphake lweni kwamanzi emiphakathini noma kubikwa ukuthi ku khona lapho ugesi wokukha nyisa umgwaqo ungasebenzi ngendlela. Kumele baqinise kise ukuthi imigomo yezempilo kanye nokuphepha kusebenza ngendlela eyiyo kanye nokuthi imithetho iyagcinwa.Ukungezela kule misebe nzi eyenzekayo ezindaweni zikahulumeni, kuwo wonke amazinga, kumele basisebenzise isibophezelo, kumele kwesinye isikhathi uthathe izinyathelo ezehlukile ekwenzeni izinto ngendlela eyiyo. Njengendlela yokungenelela odabeni lwezingane ezishonile kanye ezishone ezindlini zangasese eziyimigodi, sathatha isinyathelo esisheshayo ngokubeka p hambili EZOKUPHEPHA ngoku-faka izindlu zangasese ezisesimweni kuzo zonke izikole kule-li zwe. Siye sajuba uMbutho Wokuphepha Nokuvikela  eNingizimu Afrika ukuba weseke amaphoyisa ezinhlelweni zawo zokunciphisa lwamaqembu ezigelekeqe. Kamuva nje, sibambisene, nomphakathi, siye sasungula usizo lohlelo oluphuthumayo ngendlela yokuzama ukulwa nodlame olubhekiswe kwabe-sifazane kanye nezingane.Noma kunjalo, kuyacaca ukuthi kuningi okusadingeka ukuthi kwenziwe, singuhulu-meni futhi singumphakathi.Sizishayela ihlombe zonke izinhlangano kanye nalabo abazibophezele ekutheni bazise abanye. Kunabantu abafana no-Ralph Bouwers kanye no-Mark Nicholson, nokuyibo abahlelele abantu abasha imidlalo eyahl-ukene endaweni yase-Lavender Hill eKapa bezama ukuthi lezi zingane ngingabi uvanzi kulezi zigebengu. Kukhona omama, osisi kanye namadodakazi abasebenza ngaphandle kokubheka inkokhelo yenhlangano ebizwa nge-Operation Bobbi Bear endaweni yaseManzimtoti KwaZulu-Natal okuyiyo eyenza umsebenzi omkhulu wokuhlinzeka  ngezindlu zesikhashana kulezo zingane ezihlukumeze-kile.Kunezinhlangano eziningi ezihambisana nokholo ezifa-na no-South African Catholic Bishops'Conference, nengiye ngahlangana nabo base bangitshela ngemisebenzi abayenzayo ukuphendula izidingo zabantu abantulayo, ukweseka imindeni ukuba ikwazi ukunakekela futhi ifundise kanye nokufundisa futhi isize abantu abasha ukuze bakwazi ukubhekana nazo zonke izinkinga ababhekana nazo. Lezi zakhamizi zaseNin-gizimu Afrika zisikhombisa indlela. Ngokuhle ekubeni isibonelo, basikhumbuza uku-thi kuchazani ukuzibophezela kuthina kanye nakwabanye. Leli zwe selaziwa ngezinto ezimbi zodwa. Baningi abantu abaphangalele, kusenjalo ziningi nezingane ezihluku-mezekile futhi zaphazamiseka emqondweni. Singakwazi ukuziqeda nya lezi zenzo zobubi ezibanga ubuhlungu obungaka uma sisonke, omunye nomunye, singazibophezela ekukhuliseni ngendlela izingane ezindaweni zasemakhaya eNingizimu  Afrika. 