Ukukhulelwa Okungekho Esibelethweni (ectopic pregnancy) kuyisimo esiphuthumayo sezempilo

Allison Cooper

Abesifazane ase beke behlelwa wumsho phi wokukhulelwa okungekho esibelethweni ba-bazi kahle kamhlophe ubuhlu-ngu benhliziyo obubangelwa yilokhu, emva kokutholaumphumela wokuhlolwa komchamo kanye negazi oku-khombisa lolu hlobo lokukhule-lwa.
Lokhu kwashiwo nguDkt.
Bushy Mhlari, onguSenior  Registrar ophikweni  lwezeEctopic Obstetrics and Gynaecology e-Dr George Mukhari Academic Hospital, ochaze wathi ukukhulelwa okubizwa phecelezi ngokuthi yiectopic  pregnancy  akwenzeki ngaphakathi esibelethweni, lapho ukukhulelwa okujwayelekile kwenzeka khona.
Wathi ngokujwayelekile, ngemuva kokulumbana kweqanda lowesifazane ne-sidoda sowesilisa okwenze-ka kumashubhu esibeletho, iqanda elivundile lihamba ngamashubhu esibeletho liye esibelethweni esesiku-lungele ukwamukela iqanda lelo,  bese lizinamathisela olwelwesini lwesibeletho olubizwa phecelezi ngoku-thi yiendometrial lining  bese kwakheka ingane. “Ekukhulelweni okunge-kho esibelethweni, iqanda elivundile lizinamatheli-sa kwezinye izingxenye zomzimba. Ezehlakalweni ezingamaphesenti anga-ma-98, lokhu kukhulelwa kuba semashubhini esi-beletho. Ezinye izindawo zomzimba, kodwa ezi-ngavamisile, zibandakanya isizalo samaqanda, ezinye izindawo esiswini, umlo-mo wesibeletho kanye no-msipha wesibeletho obizwa phecelezi ngokuthi yibroad ligament,” kusho uDkt. Mhlari.Uma kwenzeka lokhu, umbungu awukwazi uku-phinde uyofakelwa kwenye indawo futhi ukuwukhipha wukuphela kwento enge-nziwa ngowesifazane. UDkt. Mhlari uthe makhu-lu amathuba okuthi owesi-fazane ehlelwe wumshophi wokukhulelwa okungekho esibelethweni uma; 
• enamashubhu esibe-letho alimele noma angakhekile ngendlela efanele, okungabangelwa wukutheleleka kwamashubhu ngezifo ezithathelwana ngoko-cansi noma ukuhlinzwa kwamashubhu esibeletho esikhathini esedlule; • ngaphambilini eke waba nokukhulelwa okungekho esibelethweni; • engenanzalo; • enabalingani abe-hlukene aya nabo oca nsini; • ebhema ugwayi.“Ukuklebhuka kwesitho somzimba okubangelwa wukukhulelwa okungekho esibelethweni kuyisimo esingadlula nomphefu-mulo womuntu futhi esiyimbangela enkulu yok u-shona komama ezinyangeni zokukhulelwa ezintathu zokuqala. Izehlakalo zoku sabalala kokukhulelwa okungekho esibelethweni cishe zingamaphesenti ama-bili esibalweni sabantu uma sebebonke,” kusho uDkt.  Mhlari.
Izimpawu zokukhulelwa okungekho esibelethweniNgokusho kukaDkt. Mhlari, izimpawu zibonakala ngasekuqaleni kokukhulelwa, kwesinye isikhathi owesi-fazane engakazazi nokuthi ukhulelwe. Izimpawu ezijwayelekile zibandakanya:
• ubuhlungu engxenyeni esezansi yesisu, • ukweqiwa ukuya esikhathini; • ukopha esithweni sangasese sowesifazane.“Kodwa-ke, abanye aba-ntu besifazane ababi nazo izimpawu kuze kuklebhuke ishubhu lesibeletho. Lapho kwenzeka lokhu, owesi-fazane angezwa ubuhlu-ngu obukhulu futhi abanye kuyenzeka babe nokopha okuthile esithweni sanga sese. Lokhu kulandelwa yisiyezi, ukwehla komfutho wegazi, ukuquleka, ukwe-hla okungalindelekile koku-hamba kwegazi emzimbeni (shock) kanye nokufa, uma owesifazane okhulelwe engakutholi ukwelashwa okusheshayo,” kusho yena. Ukuze kuhlonzwe uku-khulelwa okungekho  esibelethweni, kwenziwa ukuhlolwa kwegazi noma komchamo ukuze kuqinise-kiswe ukuthi owesifazane ukhulelwe. “Emva kwalo-kho kwenziwa iultrasound ukuze kuqinisekiswe ukuthi nembala akukho lutho esi-belethweni futhi kubhekwe ukuthi umbungu ukuphi nendawo emzimbeni wo-wesifazane,” kusho uDkt. Mhlari.
Ukwelashwa kokukhulelwa okungekho esibelethweni“Uma sekuhlonziwe uku-khulelwa okungekho esibe-lethweni kumele kwelashwe ukuze kuvinjwe, kungabe kusakhula, ngoba impilo yowesifazane ingaba se-ngozini uma ephuzile uku-thola ukwelashwa,” kusho uDkt. Mhlari.“Ukuhlinzwa kusalokhu kuyiyona ndlela yokuqala ekhethwayo yokwelapha ukukhulelwa okungekho esibelethweni, kodwa-ke uma kusheshe kwahlo-nzwa kuyinto enokwenzeka ngempumelelo ukwela-shwa kwalokhu kukhule-lwa ngemithi ngaphambi kokuthi siklebhuke isitho somzimba esiqukethe uku-khulelwa okungekho esibe-lethweni,” kwengeza yena.UDkt. Mhlari uthe  owesifazane usengaphinda futhi akhulelwe ngemva kokukhulelwa okungekho esibelethweni. Abesifazane abasola ukuthi banokukhulelwa okungekho esibelethweni kumele babonane ngoku-shesha nodokotela wabo, isibhedlela noma umthola-mpilo wangakubo.