kuqedwa komshado ngokomthetho

Dale Hes

Uma sewukuzame konke ukuze umsha do wakho uphume-lele, isahlukaniso somshado singaba yindlela engcono enganilungela wena nomli ngani wakho. Isahlukaniso sinzima futhi sifaka ingcinde zi emindenini kanti inqubo yezomthetho eqondene naso kwesinye isikhathi iyadida.Isahlukaniso somshado sisho isimo lapho umshado sewu-hlukaniswe ngokomthetho enkantolo yomthetho. Kunezi nhlobo ezimbili zesahluka-niso: esingaphikisiwe lapho bobabili abathintekayo be-vumelana ngokuthi kufanele kube nesahlukaniso somshado; kanye nesiphikisiwe lapho abathintekayo bengavumelani ngesahlukaniso somshado noma imibandela yaso. U-Josephine Peta, iSenior Legal Admin Officer yeHhovisi loMnyango Wezobulungiswa Nokuthuthukiswa Komtheth-osisekelo loMmeli  Wezeminde ni, uchaza ukuthi inqubo yoku-hlukanisa umshado iqala lapho kukhishwa amasamanisi. "Umuntu ofuna ukuchitha umshado wakhe angawathola amasamanisi esahlukaniso somshado enkantolo ephakeme noma eyesifunda, noma lapho eya kummeli ecela ukusizwa ngenqubo. Umlingani oqa-la inqubo yokwahlukanisa umshado ubizwa ngokuthi ummangali bese omunye umlingani abizwe ngokuthi ummangalelwa," kusho uPeta.UPeta uchaze wathi amasa-manisi esahlukaniso somshado kumele:
• asho ukuthi ayisekho nhlobo indlela efanelekile engasetshenziswa ukuze kuvuselelwe ubudlelwane,• ahlinzekele ukwahlu kaniswa kwempahla ehlanganyelwe noma ukuphoqelela imigomo okuvunyelwene ngayo esivumelwaneni sanga phambi komshado  esisayinwa ekuqaleni komshado, futhi • acacise ukuthi zinhlelo zini ezizokwenziwa ngezingane zabalingani, njengokuthi ingane izohlala nobani."Amasamanisi kumele aphi-nde asho ukuthi ummangalel-wa unezinsuku eziyi-10 – ezimweni lapho ehlala endaweni eyodwa nomma-ngali, noma ezinsukwiniezingama-20 uma abathinteka-yo behlala ezifundazweni eza hlukene, zokuphendula amasa-manisi," kwengeza uPeta. Uma icala selivuliwe, ama dokhumenti azobuyiselwa kummangali, okumele anike isikhonzi senkantolo ama-sethi amabili amadokhume-nti esikhonzini senkantolo sasendaweni okusebenza noma okuhlala kuyo ummangalelwa. "Isikhonzi senkantolo sizobe sesinika amadokhumenti kummangalelwa ngqo futhi sikhiphe incwadi ewubufa-kazi, ukuze ibe ubufakazi bokuthi imibhalo ihanjisiwe. Lapho kunezingane ezibanda-kanyekayo, kumele kwaziswe iHhovisi loMmeli Wezemi-ndeni," kubalula uPeta.  Emuva kwesikhathi esiyi-zinsuku eziyi-10 noma ezinga-ma-20, ummangalelwa anga-bhalisa isahlukaniso somshado ohlwini lwamacala azoqulwa enkantolo. Ezahlukanisweni zomshado eziphikiswayo, ummangalelwa kumele aphen-dule amasamanisi ngesaziso senhloso yokuphikisana necala. "Uma sekwenziwe lokho, kumele aphinde afake isicelo sokuphikisa esikhathini esi-nqunyiwe. Isicelo sokuphikisa siyisitatimende lapho umma-ngalelwa ephendula izinsolo ezikumasamanisi.Emuva kokufakwa kwesicelo sokuphikisa, ummangali naye angaphendula noma afake isa-ziso sokuthi kunqunywe usuku lokuthethwa kwecala."Udaba luzobe selubhaliselwa usuku lokuqulwa kwecala," kuphetha uPeta.
 vSiyini isahlukaniso somshado oziphelelayo?Inkantolo izogunyaza isahlukaniso somshado oziphelelayo uma amasamanisi ethunyelwe kumlingani kodwa wangaphenduli ngesikhathi esinqunyiwe. Nokho, uyelulekwa ukuthi umthinte umlingani wakho kuqala ngoba ngokuhamba kwesikhathi angase azame ukusigudlula isahlukaniso som shado ngesizathu sokuthi wayenesizathu esifanele sokuphuthwa usuku olungumnqamulajuqu.
Iphephandaba  i-Vuku-zenzele lizokhipha uchungechunge lwezi-ndaba eziqondene nesahlukaniso somshado. Hlala ululindele lolu shicilelo olulandelayo.
